Bheka, inceku yakho ifumene u musa emehlweni akho , ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami ; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.
Kepha uJehova wayenaye uJosefa , wamupha umusa , wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu , abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo , nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,
Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,
Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho , ngokuba kukhona kwaphakade.
Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami ; ngihamba eqinisweni lakho.
Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini , nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
Ububele bakho , Nkulunkulu, buyigugu elingaka ; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na ? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela
Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.
Ububele bakho mabuze kimi , ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.
Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.
ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.
Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu ; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu , uma uhlala ebubeleni ; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.
iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku -- konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.