KwabaseKolose Isahluko 3
1
Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
2
nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
3
Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
4
nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu , khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
5
Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni , ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,
6
okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,
7
ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho;
8
kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;
9
ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,
10
nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngok omfanekiso walowo owamdalayo,
11
lapho kungekho mGreki namJuda , ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke , ukubo bonke.
12
Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu , abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo , nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade,
13
nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye ; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
14
Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyis ibopho sokuphelela.
15
Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu , enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
16
Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke , niyalane ngamahubo , nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya , nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
17
Konke enikwenzayo , noma kungezwi noma kungomsebenzi , kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye. Ukuphathana kwabomuzi
18
Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
19
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
20
Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke , ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
21
Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
22
Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama , kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.
23
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,
24
nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini . Khonzani iNkosi uKristu.
25
Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.