KwabaseKolose Chapter 4
1
Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo ; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
2
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
3
Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,
4
ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
5
Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
6
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo , kuyolisiwe ngosawoti , ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu. OThikhiku no-Onesimu
7
Konke okuqondene nami uyakunazi sa khona uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
8
engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani , aduduze izinhliziyo zenu,
9
kanye no -Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo , ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. Isigcino
10
Uyakhonza kini u -Aristarku oyisiboshwa kanye nami , noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye -- uma efika kini mamukeleni –
11
noJesu othiwa uJustu ; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.
12
Uyakhonza kini u -Ephafra ongomunye wakini , inceku kaKristu Jesu , enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
13
Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina , nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi.
14
Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.
15
Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya , nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe.
16
Nxa le ncwadi isifundiwe kini , bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.
17
Nimtshele u -Arkiphu, nithi: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini , ukuze uyifeze.
18
Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami , mina Pawulu . Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.