Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila.
Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke , njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe.
Kepha wazincenga kakhulu , zaze zaphambukela kuye , zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.
UJehu wathumela ku -Israyeli wonke ; zonke izinceku zikaBali zafika , akwaze kwasala muntu ongafikanga ; zangena endlini kaBali , indlu kaBali yagcwala yathi swi, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni ; kwavalwa emnyango.
Wathuma izithunywa phambi kwakhe ; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.
Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe , wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile , zamkhiphela phandle , zammbela ngasendodeni yakhe.