Skip to Content

UGenesise Chapter 7

1 UJehova wathi kuNowa : Ngena emkhunjini , wena nendlu yakho yonke , ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane. 2 Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili , iduna nensikazi yalo, 3 nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa , iduna nensikazi , ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke. 4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane , ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo. 5 UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova. 6 UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni. 7 UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe , nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo. 8 Kuzo izilwane ezihlambulukileyo nezingahlambulukile , nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni 9 kwangena ngambili emkhunjini kuNowa , iduna nensikazi , njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa. 10 Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni; 11 ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kuka Nowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga , ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka. 12 Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane. 13 Ngalolo suku uNowa wangena em khunjini noShemi , noHamu, noJafete, amadodana kaNowa , nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo, 14 bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo , nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo , nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko. 15 Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila. 16 Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke , njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe. 17 Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane ; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba. 18 Amanzi akhula , anda kakhulu emhlabeni ; umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi. 19 Amanzi andisisa impela emhlabeni ; zasitshekelwa zonke izi ntaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke. 20 Amanzi azidlula ngezingalo eziyishumi nanhlanu , zaze zasitshekelwa izintaba. 21 Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa , izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke; 22 konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho , konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa. 23 Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba , abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo , nezinyoni zezulu ; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa ka nye nakho okwakukhona naye emkhunjini. 24 Amanzi ayenamandla emhlabeni izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.