UGenesise Chapter 8
1
UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa , nezilwane zonke , nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini . UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba , amanzi abohla.
2
Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa , imvula yasezulwini yaphela.
3
Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha.
4
Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati.
5
Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi . Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala.
6
Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile.
7
Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni.
8
Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.
9
Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo , labuyela kuye emkhunjini , ngokuba a manzi ayesesebusweni bomhlaba wonke ; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.
10
Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa ; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.
11
Ijuba lafika kuye ngakusihlwa ; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni.
12
Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba ; alabe lisabuyela kuye.
13
Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emh labeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile.
14
Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile.
15
UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi:
16
Phuma emkhunjini , wena nomkakho , namadodana akho , nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
17
Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke , izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni , zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.
18
Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye.
19
Zonke izilwane , nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo , nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini. Umnikelo kaNowa nesithembiso sikaJehova
20
UNowa wamakhela uJehova i -altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyon i ezihlambulukileyo , wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.
21
UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.
22
Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.