UGenesise Isahluko 6
1
Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi,
2
amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle , azithathela abafazi kuwo awathandayo.
3
Wayesethi uJehova: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu , njengokuba eyinyama nje ; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
4
Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni , nangasemuva futhi , lapho amad odana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu , awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.
5
Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabe ni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
6
Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni , wadabuka enhliziyweni yakhe.
7
UJehova wathi: Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu , ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.
8
Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.
9
Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa . UNowa wayeyindoda eqotho , engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.
10
UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.
11
Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova ; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.
12
UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele , ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni. Ukumenyezelwa kukazamcolo
13
UNkulunkulu wathi kuNowa : Ukuphela kwenyama yo nke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu ; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.
14
Yakha umkhumbi ngemithi yegofere , wenze amakamelo emkhunjini , uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.
15
Yikho lokhu ozakukwe nza: ubude bomkhumbi buyakuba yizingalo ezingamakhulu amathathu , ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu.
16
Yenza ifasitele emkhunjini , uligcine ngaphezulu libe yingalo inye , ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu.
17
Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu ; konke okusemhlabeni kuzakufa.
18
Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe , uze ungene emkhunjini , wena namadodana akho , nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
19
Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi.
20
Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo , nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo , nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile.
21
Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo , ukubuthele kuwe ; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.
22
UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.