1 iziKronike Chapter 25
1
UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu , nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
2
emadodaneni ka -Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka -Asafa, phansi kwezandla zika -Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
3
KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni : ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owapr ofetha ngehabhu ngokubonga nangokudumisa uJehova.
4
KuHemani: amadodana kaHemani : ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;
5
bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenk osi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe ; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
6
Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali, nangezingubhu, nangamahabu enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
7
Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalo mbili nesishiyagalombili.
8
Benza inkatho ngenkonzo , omunye ngomunye , omncane njengomkhulu , isazi nomfundi.
9
Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka -Asafa, neyesibili uGedaliya ; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;
10
eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
11
eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
12
eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
13
eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
14
eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
15
eyesishiyagalombili uJeshaya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
16
eyesishiyagalolunye uMathaniya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
17
eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
18
eyeshumi nanye u -Azareli, namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
19
eyeshumi nambili uHashabiya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
20
eyeshumi nantathu uShubayeli , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
21
eyeshumi nane uMatithiya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
22
eyeshumi nanhlanu uJeremoti , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
23
eyeshumi nesithupha uHananiya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
24
eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
25
eyeshumi nesishiyagalombili uHanani , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
26
eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
27
eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
28
eyamashumi amabili nanye uHothiri , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili;
29
eyamashumi amabili nambili uGidaliti , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
30
eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
31
eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.