Skip to Content

1 iziKronike Chapter 26

1 Izigaba zabalindisango zaziyilezi : kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa. 2 UMeshelemiya wayenamadodana : nguZakariya izibulo , noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine, 3 no-Elamu owesihlanu , noJehohanani owesithupha , no-Eliyohenayi owesikhombisa. 4 U-Obede Edomi wayenamadodana : nguShemaya izibulo , noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari, owesine, noNethaneli owesihlanu, 5 no-Amiyeli owesithupha , no-Isakare owesikhombisa , noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa. 6 Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla. 7 Amadodana kaShemaya : ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya. 8 Bonke labo babe ngamadodana ka -Obede Edomi , bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni , engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi. 9 UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo , amadoda anamandla , eyishumi nesishiyagalombili. 10 Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana : nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko 11 noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine ; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu. 12 Lezo zigaba zabalindisango , izinhloko zabantu , zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova. 13 Benza inkatho yesango ngesango , omncane njengomkhulu , ngezindlu zawoyise. 14 Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya . Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe , umluleki ohlakaniphileyo ; wadliwa yinkatho yasenyakatho. 15 Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane, 16 eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi , ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi. 17 Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha , ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku , nasenqolobaneni emabili ngamabili. 18 EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni , naseParibari uqobo ayemabili. 19 Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari. 20 KumaLevi u -Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele. 21 Amadodana kaLadani , amadodana kaGereshoni akwaLadani , izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli, 22 amadodana amaJehiyeli , oZethamu noJoweli umfowabo , ayephethe ingcebo endlini kaJehova. 23 Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakuma-Uziyeli, 24 uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama. 25 Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe , noJeshaya indodana yakhe , noJoramu indodana yakhe , noZikiri indodana yakhe , noShelomoti indodana yakhe. 26 Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi , nezinhloko zawoyise , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi. 27 Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova, 28 kanye nakho konke uSamuweli umboni , noSawule indodana kaKishi , no- Abineri indodana kaNeri , noJowabe indodana kaS eruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile , kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo. 29 KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli. 30 KumaHebroni uHashabiya n abafowabo, amaqhawe anamandla , beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa -Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi. 31 KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko , kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise . Ngomnyaka wamashumi amane wokubu sa kukaDavide kwafunwa , kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi. 32 Abafowabo, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa , izinhloko zawoyise , ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.