Skip to Content

1 iziKronike Chapter 27

1 Nampa abantwana bakwa -Israyeli ngomumo wabo , izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu , nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba , ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka ; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 2 Phezu k wesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 3 Wayengowabantwana bakwaPheresi , inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala. 4 Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 5 Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodan a kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 6 Nguye lowo Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu ; owesigaba sakhe kwakungu - Amizabadi indodana yakhe. 7 Eyesine ng enyanga yesine kwakungu -Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 8 Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 9 Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakungu -Ira indodana ka -Ikheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 10 Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa -Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 11 Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 12 Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu -Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 13 Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 14 Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 15 Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kw akunguHelidayi waseNethofa ka -Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 16 Phezu kwezizwe zakwa -Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi ; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha; 17 kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki; 18 kuJuda ngu-Elihu wabafowabo bakaDavide; ku-Isakare ngu-Omri indodana kaMikayeli; 19 kuZebuloni ngu -Ishmaya indodana ka -Obadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli; 20 kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka -Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya; 21 enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu -Ido indodana kaZakariya ; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri; 22 kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli. 23 Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u -Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu. 24 UJowabe indodana kaSe ruya waqala ukubala , kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide. 25 U-Azimaveti indodana ka -Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi ; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini , nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni; 26 u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi; 27 uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini; 28 uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha; 29 imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni , nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi; 30 u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela ; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo; 31 uJazizi umHagiri wayephethe izimvu . Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide. 32 UJonathani, uyisekazi kaDavide , wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi; 33 u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi ; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi; 34 emva kuka -Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no - Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.