Skip to Content

1 iziKronike Chapter 28

1 UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa -Israyeli, izikhulu zezizwe , nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo , nezinduna zendlunkulu , namaqhawe, nawo onke am adoda anamandla eJerusalema. 2 UDavide inkosi wayesema ngezinyawo , wathi: Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu : mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesena belo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha. 3 Kepha wayesethi uNkulunkulu kimi : Awuyikwakhela igama lami indlu , ngokuba uyindoda yempi, uchithile igazi. 4 Kodwa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe ngumbusi , nasendlini kaJuda indlu kababa , naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwa - Israyeli wonke, 5 nasemadodaneni ami onke , ngokuba uJehova ungiphe amadoda na amaningi, ukhethe uSo lomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli. 6 Wathi kimi : U Solomoni indodana yakho nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami , ngokuba ngimkhethile ukuba abe yindodana yami , mina ngibe nguyise. 7 Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade , uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla. 8 Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa -Israyeli, ibandla likaJehova , nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle , nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade. 9 Wena Solomoni , ndodana yami , yazi uNkulunkulu kayihlo , umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo , ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke , uqonda zonke izizindlo zemicabango ; uma umfuna , uyakufunyanwa nguye ; kepha uma umshiya , uyakukulahla kuze kube phakade. 10 Bheka manje , ngokuba uJehova ekukhethile ukwakha indlu ibe yindlu engcwele, qina, ukwenze. 11 UDavide wamnika uSolomoni indodana yakhe isifanekiso sompheme nesezindlu zethempeli , nesengcebo yalo , nesamakamelo alo aphezulu , nesamakamelo alo angaphakathi, nesendlu yesihlalo somusa; 12 nesifanekiso sakho konke ayenakho emicabangweni yakhe ngamagceke endlu kaJehova , nangamakamelo nxazonke , nangengcebo yendlu kaNkulunkulu, nangengcebo yezinto ezingcwele; 13 nangezigaba zabapristi nezamaLevi , nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova; 14 nangegolide isisindo segolide lezinto zo nke zezinkonzo ngezinkonzo , nangezinto zonke zesiliva isisindo sazo, zonke izinto zezinkonzo ngezinkonzo; 15 nangesisindo sezinti zezibani zegolide kanye nezibani zazo zegolide , nesisindo salolo nalolo luthi lwesibani kanye nezibani zalo , nangesezinti zesiliva isisindo sothi kanye nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi; 16 nangesisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa , amatafula ngamatafula, nangesiliva lamatafula esiliva; 17 nangezingwegwe zenyama , nangezinkamba, nangezitsha zegolide elicwengekileyo, nangezindebe zonke zegolide, isisindo saleso naleso sitsha; 18 nange-altare lempepho legolide elicwengekileyo isisindo salo , nesifanekiso senqola, namakherubi egolide ayelula amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaJehova. 19 Konke lokh o, washo uDavide , ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso. 20 Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova. 21 Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.