1 iziKronike Chapter 7
1
Amadodana ka -Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.
2
Amadodana kaThola : ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no- Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise , abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo ; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.
3
Amadodana ka -Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya : ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.
4
Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa , abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.
5
Abafowabo kuyo yonke imindeni ka -Isakare, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa , bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.
6
Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noJediyayeli, bebathathu.
7
Amadodana kaBela : ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amatha thu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
8
Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri.
9
Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.
10
Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no- Ahishahari.
11
Bonke labo babe ngamadodana kaJediyayeli ngezinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane eziyishumi nesikhombisa namakhulu amabili abangaphuma impi ukuyokulwa.
12
OShuphimi noHuphimi babe ngamadodana ka -Iri; uHushimi wayeyindodana ka-Aheri.
13
Amadodana kaNafetali : ngoJasiyeli, noGuni, noJeseri, noShalumi, amadodana kaBiliha.
14
Amadodana kaManase : ngu-Asiriyeli owamzalelayo umkakhe ; isancinza sakhe umAramukazi sazala uMakiri uyise kaGileyadi.
15
UMakiri wathathela oHuphimi noShuphimi abafazi ; igama likadadewabo lalinguMahakha. Igama lowesibili lalinguSelofehadi ; uSelofehadi wayenamadodakazi.
16
UMahakha umkaMakiri wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi ; amadodana akhe ayengo - Ulamu noRakemi.
17
Amadodana ka -Ulamu: nguBedani. Labo ba be ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.
18
Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela.
19
Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.
20
Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,
21
noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe , ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.
22
U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.
23
Wangena kumkakhe ; wamitha, wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uBeriya, ngokuba indlu yakhe yayisengozini.
24
Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
25
URefa wayeyindodana yakhe , noReshefi, noThela indodana yakhe , noThahani indodana yakhe,
26
noLadani indodana yakhe , no-Amihudi indodana yakhe , no-Elishama indodana yakhe,
27
noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.
28
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo , nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;
29
nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo , neMegido nemizana yalo , neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.
30
Amadodana ka -Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.
31
Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.
32
UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.
33
Amadodana kaJafeleti : ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti.
34
Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu.
35
Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali.
36
Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra,
37
noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.
38
Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara.
39
Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.
40
Bonke labo babe ngabantwana baka -Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe akhethekileyo anamandla , izinhloko zezikhulu . Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.