1 iziKronike Chapter 8
1
UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe , no-Ashibeli owesibili , no-Ahara owesithathu,
2
noNoha owesine, noRafa owesihlanu.
3
UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi,
4
no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,
5
noGera, noShefufani, noHuramu.
6
Nanka amadodana ka -Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba , ezathunjelwa eManahati,
7
zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.
8
UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.
9
Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,
10
noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe , izinhloko zezindlu zawoyise.
11
Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.
12
Amadodana ka -Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i - Ono neLodi nemizana yawo,
13
noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e -Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;
14
no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti,
15
noZebadiya, no-Aradi, no-Edere,
16
noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya,
17
noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere,
18
no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali,
19
noJakimi, noZikiri, noZabidi,
20
no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli,
21
no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi,
22
noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli,
23
no-Abidoni, noZikiri, noHanani,
24
noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya,
25
no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki,
26
noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya,
27
noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu.
28
Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise , izinhloko ezizukulwaneni zabo , bahlala eJerusalema.
29
EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;
30
izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,
31
noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.
32
Kepha uMikiloti wazala uShimeya . Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
33
UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
34
Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.
35
Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.
36
U-Ahazi wazala uJehohada ; uJehohada wazala o -Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;
37
uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;
38
u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa : o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.
39
Amadodana ka -Esheki umfowabo : ngu-Ulamu izibulo lakhe , noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu.
40
Amadodana ka -Ulamu ayengamaqhawe anamandla , ansala umnsalo ; ayenamadodana amaningi namadodana amadodan a amaningi , eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.