1 kwabaseKorinte Isahluko 4
1
Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.
2
Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile.
3
Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yi nina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.
4
Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi.
5
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi , ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu. Ukukhukhumala kwabaseKorinte nokuhlupheka kwabaphostoli
6
Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku -Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.
7
Ngokuba ngubani okhetha wena na ? Unantoni ongayamukeliswanga na ? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?
8
Senize nasutha , senize naceba , senabusa ngaphandle kwethu ; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.
9
Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.
10
Thina siyiziwula ngenxa kaKristu , kepha nina nihlakaniphile kuKristu ; thina sibuthakathaka , kepha nina ninamandla ; nina niyadunyiswa , kepha thina siyadunyazwa.
11
Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile , somile, sihamba ze , siyamuhluzwa, siyimihambima,
12
siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu ; sithi sithukwa , sibe sibusisa ; sithi sizingelwa, sibe sibekezela;
13
sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle ; senziwe kungathi siyinsila yezwe , umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje.
14
Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni , kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.
15
Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu , nokho oyihlo kababaningi , ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
16
Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.
17
Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini , oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
18
Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;
19
kodwa ngizakuza kini masinyane , uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.
20
Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.
21
Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku , noma ngize nginothando nomoya omnene na?