1 kwabaseKorinte Isahluko 5
1
Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu , futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
2
Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila , ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
3
Ngokuba mina ngokwami , noma ngingekho ngomzimba , nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owe nze okunjalo ukuba
4
egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5
onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama , ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
6
Akukuhle ukuzibonga kwenu . Anazi yini ukuthi imv ubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
7
Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha , njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
8
Njalo-ke masigubhe umkhosi , kungabi ngemvubelo endala , kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
9
Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
10
angisho izifebe zalo mhlaba , nokuba abahahayo nabaphangi , nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
11
kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe , noma engohahayo , noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
12
Ngokuba ngin andabani nokwahlulela abangaphandle na ? Nani anahluleli abangaphakathi na?
13
Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle . Xoshani omubi phakathi kwenu.