Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 11

1 Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana , yebo, ngibekezeleleni. 2 Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu , ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe. 3 Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyok a yamkhohlisa u -Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa , ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu. 4 Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu. 5 Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu. 6 Noma ngiyibhimbi lokukhuluma , nokho angisilo ngokwazi ; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke. 7 Kumbe ng onile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina , lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na? 8 Ngaphanga amanye amabandla , ngithatha iholo kuwo , ukuba ngikhonze nina; 9 nalapho ngikhona kini ngiswele , angibanga mthwalo kumuntu , ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami ; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda. 10 Njengalokhu iqiniso likaKristu likim i, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya. 11 Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi. 12 Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi , ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho. 13 Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga , izisebenzi ezikhohlisayo , beziguqula abaphostoli bakaKristu. 14 Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. 15 Ngakho akuyinto enkulu , uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo. 16 Ngiyaphinda ngithi: Makungasho muntu ngami ukuthi n giyisiwula; kepha noma kungaba njalo , nokho ngamukeleni njengesiwula , ukuze nami ngizibonge kancane. 17 Lokho engikushoyo ngalesi sibindi sokuzibonga , angikusho ngokweNkosi , kodwa ngikusho kungathi ngobuwula. 18 Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga. 19 Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo , lokhu ningabahlakaniphileyo, 20 ngokuba niyabekezela , uma umuntu enenza izigqila , uma enidla , uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni. 21 Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathak a. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho -- ngikhuluma ngobuwula -- nami nginesibindi ngakho. 22 BangamaHeberu na ? Nami. Bangaba-Israyeli na ? Nami. Bayinzalo ka - Abrahama na? Nami. 23 Bayizikhonzi zikaKristu na ? Ngikhulumisa okohlanya -- ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo , nasekuboshweni kaningi kunabo , nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi. 24 KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo , kushiywa munye emashumini amane; 25 ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; 26 ngangisekuhambeni kaningi , nasezingozini zemifula , nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi , nasezingozini kwabezizwe , nasezingozini emzini , nasezingozini ehlane , nasezingozini elwandle , nasezingozini kubazalwane bamanga, 27 ngokukhandleka nangokukhathazeka , kaningi ngokuqwasha ebusuku , ngokulamba nangokoma , kaningi ngokuzila ukudla , nasemakhazeni nangokuhambaze; 28 ngaphandle kwezinye izinto ku khona okungicindezelayo imihla yonke : ukukhathalela onke amabandla. 29 Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na ? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na? 30 Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami. 31 UNkulunkulu noYise weNkos i uJesu , obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga. 32 EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe; 33 ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.