Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 12

1 Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi ; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi. 2 Ngiyamazi umuntu ekuKristu , sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi , nakuba wayengaphandle komzimba angazi , nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu. 3 Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni , nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo -- 4 ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi , wezwa amazwi angakhulumekiyo , okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume. 5 Ngonjalo ngizakuzibonga , kepha ngami uqobo angizukuzibonga , kuphela ngobuthakathaka bami. 6 Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga , bengingezukuba yisiwula ; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso , kepha ngiyayeka , funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi. 7 Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo , nganikwa iva enyameni , ingelosi kaSathane , ukuba ingimukule , ukuze ngingaziphakamisi kakhulu. 8 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. 9 Yathi kimi : Umusa wami ukwanele ; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. 10 Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi , nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu , ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla. Ukusolwa kwakhe yibandla akukho eqinisweni 11 Sengize ngaba yisiwula ; nina ningiphoqile . Ngokuba mina kwakufanele ukuba n ginconywe yinina . Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho. 12 Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke , nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla. 13 Ngokuba nancish wani kunamanye amabandla , uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala. 14 Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini ; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana. 15 Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke , yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu . Uma nginithanda kakhulu , kanti kuyilapho ngithandwa kancane na? 16 Kepha makube ngukuthi a nginisindanga mina , kodwa lokhu ngiyisihlakaniphi, nganibamba ngobuqili. 17 Ngake nganiqilizela yini ngomunye walabo engabathumela kini na? 18 Nganxusa uThithu , ngathuma kanye naye umzalwane ; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na ? Nangamkhondo munye na? Iziluleko zokugcina zikaPawulu kwabaseKorinte 19 Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini . Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu ; kepha konke , bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu. 20 Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana , nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu, 21 funa kuthi eku fikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile , bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.