2 uSamuweli Chapter 10
1
Kwathi emva kwalokho inkosi yabantwana bakwa -Amoni yafa , uHanuni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sayo.
2
UDavide wathi : Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi , njengalokho uyise angenzela umusa . UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise . Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.
3
Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?
4
UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide , waphucula inxenye yezilevu zazo, wahina izingubo zazo phakathi kwaze kwaba sezinqeni zazo , wazimukisa.
5
Lapho sebemtshela uDavide lokho , wathumela ukuzihlangabeza , ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi : Hlalani eJeriko , zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.
6
Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide , abakwa- Amoni bathuma baqasha ama -Aramu aseBeti Rehobe nama -Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili , nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwan e, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.
7
UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.
8
Abantwana bakwa -Amoni baphuma , bahlela impi ngasesikhaleni sesango ; ama-Aramu aseSoba naseRehobe , nabantu baseThobi , nabaseMahakha babebodwa endle.
9
Kepha uJowabe esebona ukuthi izimpondo zempi zimhaqile ngaphambili nangasemuva wakhetha kwabakhethekileyo bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
10
abantu abaseleyo wababeka esandleni sika -Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.
11
Wathi: Uma ama -Aramu engahlula , uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakufika ngikusize.
12
Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.
13
UJowabe nabantu ababe naye base besondela ukuba balwe nama -Aramu; kepha abaleka phambi kwakhe.
14
Lapho abantwana bakwa -Amoni bebona ukuthi ama -Aramu abalekile , babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.
15
Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka -Israyeli, abuthana ndawonye.
16
UHadadezeri wathuma wakhipha ama -Aramu ayephesheya koMfula ; afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo.
17
UDavide watshelwa, wabutha wonke u -Israyeli, wawela iJordani , wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye.
18
Ama-Aramu abaleka phambi kuka -Israyeli; uDavide wabulala kuma -Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane , wamshaya uShobaki induna yempi yabo , wafela khona lapho.
19
Lapho onke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri ebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka -Israyeli, enza ukuthula no -Israyeli, abakhonza. Ama-Aramu ayesesaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.