Skip to Content

2 uSamuweli Chapter 9

1 UDavide wathi : Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na? 2 Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguSiba ; bambizela kuDavide; inkosi yathi kuye: UnguSiba na? Wathi: Inceku yakho inguye. 3 Inkosi yayisithi : Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na ? USiba wathi enkosini : UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo. 4 Yathi inkosi kuye: Iphi na? USiba wathi enkosini: Bheka, isendlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli eLo Debari. 5 Inkosi uDavide yayisithuma yamlanda endlini kaMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari. 6 UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide , wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi : Mefibosheti. Wathi: Nansi i nceku yakho. 7 UDavide wayesethi kuye : Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo , ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami. 8 Wakhuleka wathi: Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na? 9 Inkosi yayisimbiza uSiba inceku kaSawule , yathi kuye: Konke okukaSawule nokwendlu yakhe yonke ngikunike indodana yenkosi yakho. 10 Uyakumlimela umhlabathi , wena namadodana akho nezinceku zakho , uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla , kepha uMef ibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami . USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili. 11 USiba wathi enkosini : Njengakho konke inkosi yami , inkosi, eyale ngakho inceku yayo, iyakwenze njalo inceku yakho. UMefibosheti uyakudla etafuleni lenkosi njengenye yamadodana enkosi. 12 UMefibosheti wayenendodana encane egama layo linguMika . Bonke ababehlala endlini kaSiba babe yizinceku zikaMefibosheti. 13 UMefibosheti wayesehlala eJerusalema , ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.