Skip to Content

2 uSamuweli Isahluko 8

1 Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti , wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti. 2 Washaya nabakwaMowabi , wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa . AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela. 3 UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe , inkosi yaseSoba , ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni. 4 UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili ; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola , washiya awezinqola eziyikhulu kodwa. 5 Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba , uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu. 6 UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku , ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaph i lapho eya khona. 7 UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri , waziletha eJerusalema. 8 Emizini kaHadadezeri iBetha neBerothayi inkosi uDavide yathatha ithusi eliningi kakhulu. 9 Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide u shayile yonke impi kaHadadezeri, 10 uThoyi wathuma uJoramu indodana yakhe enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa , ngokuba yayilwile noHadadezeri , yamnqoba, ngokuba uHadadezeri wayelokhu elwa noThoyi ; esandleni sakhe wayenezitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezitsha zethusi. 11 Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile: 12 e-Aramu, nakwaMowabi, nakubantwana bakwa -Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadez eri indodana kaRehobe , inkosi yaseSoba. 13 UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe esebulele ama -Aramu ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili esiGodini sikaSawoti. 14 Wamisa amakhanda kwa -Edomi; kulo lonke lakwa -Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. 15 UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe. 16 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi , uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana; 17 uSadoki indodana ka -Ahithubi no-Ahimeleki indodana ka -Abiyathara babe ngabapristi; uSeraya wayengumbhali; 18 uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti ; amadodana kaDavide ayengabapristi.