2 uSamuweli Chapter 16
1
UDavide esedlulile kancane isiqo ngo sentaba , bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo , zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.
2
Inkosi yathi ku Siba: Uthini ngalezi zinto na ? Wathi uSiba: Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi , izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.
3
Yayisithi inkosi : Iphi indodana yenkosi yakho na ? USiba wathi enkosini : Bheka, ihlezi eJerusalema , ngokuba yathi : Namuhla indlu ka -Israyeli iyakubuyisela kimi umbuso kababa.
4
Yayisithi-ke inkosi kuSiba : Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti. Wathi uSiba: Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi. UDavide uthukwa nguShimeyi
5
Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi , bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.
6
Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenko si uDavide , bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo.
7
UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe , wathi: Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi!
8
UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe ; uJehova unikele umbuso esandleni sika -Abisalomu indodana yakho ; bheka, usubhajiwe ebubini bakho , ngokuba ungumuntu wegazi.
9
U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini : Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.
10
Yathi inkosi: Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya . Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi : Thuka uDavide , ngubani ongasho ukuthi: Ukwenzeleni lokho na?
11
UDavide wayesethi ku -Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami ; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na ? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.
12
Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami , angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.
13
UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela ; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye , wahamba ethuka , wamphonsa ngamatshe , wamthela ngothuli. OHushayi no-Ahithofeli
14
Inkosi nabo bonke abantu ababenayo bafika beyethile; wahlunyelelwa khona.
15
U-Abisalomu nabantu bonke , amadoda akwa -Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli enabo.
16
Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku -Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.
17
U-Abisalomu wayesethi kuHushayi : Lokhu kungukuthembeka kwakho kumngane wakho na? Awuhambanga ngani nomngane wakho na?
18
Wayesethi uHushayi ku-Abisalomu: Qha, lo okhethwe nguJehova, nayilaba bantu, nangabantu bonke bakwa-Israyeli, ngiyakuba ngowakhe , ngihlale naye.
19
Futhi ngikhonze bani n a? Kungabi phambi kwendodana yakhe na ? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo , kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.
20
Wayesethi u-Abisalomu ku-Ahithofeli: Sipheni isiluleko sokuthi siyakwenze njani.
21
Wathi-ke u -Ahithofeli ku -Abisalomu: Ngena kuzo izancinza z ikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu ; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuba unengwa nguyihlo, ziqine izandla zabo bonke abanawe.
22
Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.
23
Isiluleko sika-Ahithofeli aluleka ngaso ngalezo zinsuku sasinjengokungathi bekubuzwe kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli kuDavide naku- Abisalomu.