2 uSamuweli Isahluko 17
1
U-Ahithofeli wathi futhi ku -Abisalomu: Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili , ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobu busuku,
2
ngimfikele ekhathele , eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela,
3
ngibuyisele kuwe bonke abantu ; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba nokuthula.
4
Leli zwi lamjabulisa u-Abisalomu nawo onke amalunga akwa-Israyeli.
5
Wayesethi u -Abisalomu: Mawumbize noHushayi umArki , sizwe okusemlonyeni wakhe naye.
6
UHushayi esefikile ku -Abisalomu, u-Abisalomu wakhuluma kuye , wathi: U- Ahithofeli ukhulume kanjalo ; siyakwenza njengokusho kwakhe na ? Uma kungenjalo, khuluma wena.
7
UHushayi wathi ku -Abisalomu: Isiluleko u-Ahithofeli eluleke ngaso manje asisihle.
8
Wathi futhi uHushayi : Uyamazi uyihlo nabant u bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere elaphucwe amazinyane alo endle ; uyihlo uyindoda yempi , akayikuhlala nabantu.
9
Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo ; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje , okuzwayo athi : Abantu abalandela u -Abisalomu banqotshiwe;
10
naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama , uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe , nabanaye bangamadoda anamandla.
11
Ngalokho ngiyaluleka ukuba wo nke u -Israyeli abuthane kuwe , kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba , ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.
12
Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona , simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini ; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.
13
Noma engena emzini, wonke u -Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi , siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.
14
U-Abisalomu nabantu bonke bakwa -Israyeli bathi : Isiluleko sikaHu shayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika -Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.
15
UHushayi wayesethi kuSadoki naku -Abiyathara abapristi : U-Ahithofeli weluleka u -Abisalomu namalunga akwa-Israyeli kanje nakanje ; mina ngeluleke kanje nakanje.
16
Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi : U ngahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku , kepha uwele nokuwela , funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.
17
OJonathani no -Ahimahasi babehlala e -Eni Rogeli ; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.
18
Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.
19
Owesifazane wathatha isimbozo, wasendlala phezu komlomo womthombo, weneka umqhazulo kuso, kungaziwa lutho.
20
Zase zifika izinceku zika -Abisalomu kowesifazane endlini , zathi: Baphi o - Ahimahasi noJonathani na ? Owesifazane wathi kuzo : Bawuwele umfudlana. Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.
21
Kwathi sezimukile, baphuma emthonjeni, baya bayitshela inkosi uDavide , bathi kuDavide : Sukani, nisheshe niwele amanzi , ngokuba u -Ahithofeli weluleke kanjalo ngani.
22
UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye , bawela iJordani ; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.
23
Lapho u -Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga , wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe , wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise. UDavide useMahanayimi
24
UDavide wayesefika eMahanayimi . U-Abisalomu waliwela iJordani , yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.
25
U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U- Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu -Itira umIsrayeli , owangena ku -Abigali indodakazi kaNahashi , udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.
26
O-Israyeli no-Abisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.
27
Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi , uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa -Amoni, noMakiri indodana ka -Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi
28
baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba , nokolweni, nebhali, nempuphu notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa,
29
nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle , ngokuba bathi : Abantu balambile , bakhathele, bomile ehlane.