2 uSamuweli Chapter 21
1
Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.
2
Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni , yakhuluma kubo , abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama -Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo ; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;
3
wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni : Nginenzele ntoni na ? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?
4
AbaseGibeyoni bathi kuye : Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa -Israyeli. Wathi: Enikushoyo ngiyakunenzela khona.
5
Bathi enkosini : Umuntu owasibul alayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli,
6
masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe , sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule , okhethiweyo kaJehova . Inkosi yathi : Ngiyakuninika bona.
7
Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo , phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.
8
Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka -Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti ; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u -Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati;
9
wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni , babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye ; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.
10
URispa indodakazi ka -Aya wathatha indwangu yamasaka , wazendlalela yona edwaleni , kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.
11
Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka -Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.
12
UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawin i saseBeti Shani , lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona , mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.
13
Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.
14
Bawembela amathambo kaSawule noJonathani ind odana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise ; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe. Ukulwa kwamaFilisti
15
AmaFilisti abuye aphaka impi no -Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.
16
U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi , ebhince inkemba entsha , wathi uyakumbulala uDavide.
17
Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza , wamshaya umFi listi wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide , bathi: Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.
18
Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi ; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.
19
Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi ; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
20
Kwabuye kwaba khona impi eGati , lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe ey isithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni , kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa.
21
Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala.
22
Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati ; bawa ngesandla s ikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.