2 uSamuweli Chapter 22
1
UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,
2
wathi: UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
3
uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami ; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
4
Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.
5
Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.
6
Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.
7
Ekuhluphekeni kwami ngambiz a uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami ; walizwa izwi lami esethempelini lakhe ; ukukhala kwami k wangena ezindlebeni zakhe.
8
Umhlaba wawusuzamazama , wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela , zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
9
Kwenyuka umusi emakhaleni akhe , nomlilo odlayo emlonyeni wakhe ; amalahle avutha kuye.
10
Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
11
Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.
12
Wenza ubumnyama bub e ngamadokodo amphahlayo , amanzi aqoqane , amafu abe nzima.
13
Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.
14
UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
15
Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
16
Kwase kubonakala imisinga yamanzi ; izisekelo zomhlaba zambulw a ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.
17
Waselula isan dla sakhe ephezulu , wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.
18
Wangophula esitheni sam i esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.
19
Bangihlasela ngosuku lwesigemegem e sami, kepha uJehova waba yinsika yami.
20
Wangiphumisela endaweni eb anzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
21
UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
22
Ngokuba ngizigcinile izindlel a zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
23
Ngokuba yonke imithetho yakh e yayiphambi kwami , nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.
24
Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.
25
UJehova wayesebuyisela kim i njengokulunga kwami , njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.
26
Kothembekileyo uyazibonakalis a ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;
27
kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.
28
Uyasindisa abantu abathobekileyo , kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.
29
Ngokuba wena uyisibani sami , Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.
30
Ngokuba ngawe ngingahlasela impi ; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
31
Indlela kaNkulunkulu iphelele ; izwi likaJehova lihlanzekile ; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
32
Ngokuba ngubani onguNkulunkul u ngaphandle kukaJehova , ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
33
UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,
34
yena owenza izinyawo zami zib e njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;
35
ofundisa izandla zami ukulwa , ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
36
Wena unginikile isihlangu sensindis o yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.
37
Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.
38
Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.
39
Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka ; zawa phansi kwezinyawo zami.
40
Wangibhincisa amandla okulwa ; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
41
Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.
42
Bakhala, kepha akubangakh o osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
43
Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.
44
Wangikhulula ezimpini zabant u bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.
45
Abafo bazithoba phansi k wami; banele ukungizwa nje ngendlebe , base bengilalela.
46
Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.
47
UJehova usekhona malidunyisw e idwala lami ; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
48
uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;
49
ongikhiphile ezitheni zami , wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo , wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
50
Ngalokho-ke ngizakukubong a phakathi kwabezizwe , Jehova, ngilihubele igama lakho.
51
Uyenza insindiso ibe nkulu enkosin i yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.