2 uSamuweli Isahluko 5
1
Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni , zasho zathi: Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2
Ngesikhathi esidlulileyo , uSawule eseyinkosi phezu kwethu , nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe : Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.
3
Kwase kufika onke amalunga akwa -Israyeli enkosini eHebroni ; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova ; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
4
UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.
5
EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashum i amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.
6
Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga, ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.
7
UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
8
UDavide wathi ngalolo suku: Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide ; ngalokho kuthiwa : Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.
9
UDavide wahlala enqabeni , wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide . UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.
10
UDavide waqhubeka njalo ngokukhula , ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.
11
UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithun ywa kuDavide , nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.
12
UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u - Israyeli.
13
UDavide wazithathela ezin ye izancinza nabafazi eJerusalema , esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.
14
Nanka amagama abazalelwa eJerusalema : oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
15
noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya,
16
no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti.
17
Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide ; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.
18
AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.
19
UDavide wabuza kuJehova, wathi: Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na ? UJehova wathi kuDavide : Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.
20
UDavide wafika eBali Pherasimi , uDavide wawachitha khona ; wathi: UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi . Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.
21
Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.
22
AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.
23
Lapho uDavide ebuza kuJehova , wathi yena: Awuyikwenyuka; gwegwesa emva kwawo, uwafikele malungana namajikijolo.
24
Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo , usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.
25
UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile , wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.