2 uSamuweli Chapter 6
1
UDavide wabuye wabutha bonke abakhethiweyo bakwa -Israyeli, izinkulungwane ezingamashumi amathathu.
2
UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye , besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama , lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.
3
Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha , bewukhipha endlini ka -Abinadaba eyayisegqumeni ; o-Uza no -Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha.
4
Bayikhipha-ke endlini ka -Abinadaba eyayisegqumeni kanye nomphongolo ; u-Ahiyo wahamba phambi komphongolo.
5
UDavide kanye nendlu yonke k a-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi , namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.
6
Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u -Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela.
7
Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
8
UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza kuze kube namuhla.
9
UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku . Wathi: Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?
10
Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide , kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka -Obede Edomi umGiti.
11
Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka -Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.
12
Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka -Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu . UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka -Obede Edomi , wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.
13
Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
14
UDavide wasina ph ambi kukaJehova ngamandla akhe onke ; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.
15
Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka -Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
16
Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide , uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni , wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.
17
Bawungenisa umphongolo kaJehova , bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona ; uDavide wanik ela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
18
UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.
19
Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa -Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa , nesicubu senyama , nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo . Base behamba abantu bonke , baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.
20
UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.
21
Wayesethi uDavide kuMikhali : Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaJehova kwa -Israyeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza.
22
Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho , ngithotshiswe nasemehlweni ami , kodwa izincekukazi okhulume ngazo ngiyakudunyiswa yizo.
23
UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.