AbAhluleli Isahluko 13
1
Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.
2
Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali.
3
Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane , yathi kuye : Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.
4
Ngalokho ake uxwaye ungaph uzi wayini naluphuzo olunamandla , ungadli lutho olungcolileyo,
5
ngokuba bheka , uyakukhulelwa, uzale indodana , impuco ayiyikuthinta ekhanda layo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.
6
Owesifazane wayeseya ukubika endodeni yakhe , ethi: Kufikile kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sasinjengesimo sengelosi kaNkulunkulu, sesabeka kakhulu; angimbuzanga ukuthi uvelaphi, naye akangitshelanga igama lakhe.
7
Kepha wathi kimi : Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana ; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla , ungadli lutho olungcolileyo , ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.
8
UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.
9
UNkulunkulu walalela izwi likaManowa ; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye.
10
Owesifazane was hesha, wagijima, wayitshela indoda yakhe , wathi kuyo : Bheka, ubonakele kimi lowo muntu owafika kimi ngolunye usuku.
11
UManowa wasukuma wamlandela umkakhe , wafika kulowo muntu , wathi kuye: Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na ? Wathi: Nginguye.
12
Wayesethi uManowa : Nxa esenzekile amazwi akho , iyakuba yini indlela yomntwana, kuyakwenziwani na?
13
Ingelosi kaJehova yathi kuManowa : Konke engakushoyo kowesifazane makakuxwaye.
14
Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini , kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo ; konke engamyaleza ngakho kakugcine.
15
UManowa wayesethi engelosini kaJehova: Ake sikulibazise , sikulungisele izinyane lembuzi.
16
Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: Noma ungilibazisa, angiyikudla ukudla kwakho; uma ulungisa umnikelo wokushiswa, uyakunikela ngawo kuJehova. Ngokuba uManowa wayengazi ukuthi uyingelosi kaJehova.
17
UManowa wathi engelosini kaJehova : Ngubani igama lakho ukuba , lapho esenzekile amazwi akho, sikudumise?
18
Ingelosi kaJehova yathi kuye : Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?
19
UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu , wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.
20
Kwathi ilangabi lisaphuma e -altare lenyukela ngasezulwini , ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le -altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.
21
Kepha ingelosi kaJehova ayiphindanga ukubonakala kuManowa nomkakhe. Khona uManowa waqonda ukuthi yingelosi kaJehova.
22
UManowa wathi kumkakhe : Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.
23
Kepha umkakhe wathi kuye: Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho , nga engasitshelanga izinto njengalezi.
24
Owesifazane wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni ; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.
25
UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne - Eshitawoli.