AbAhluleli Chapter 14
1
USamsoni wehlela eT himna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.
2
Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina , wathi: Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti ; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.
3
Uyise nonina base bethi kuye : Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile , na? USamsoni wathi kuyise : Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.
4
Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova , ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti . Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.
5
USamsoni wayesehla noyise nonina , baya eThimna , bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.
6
UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi , engaphethe lutho esandleni sakhe : kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.
7
Wehla, wakhuluma nowesifazane; wathandeka kuSamsoni.
8
Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama ; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju.
9
Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo ; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyo si esidumbini sengonyama.
10
Uyise wehla , waya kulowo wesifazane , uSamsoni wenza idili khona , ngokuba zazenze njalo izinsizwa.
11
Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.
12
USamsoni wathi kubo: Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili , niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;
13
kepha uma ningenakuyiqandela kimi , niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu. Bathi kuye: Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.
14
Wayesethi kubo : Kodlayo kwaphuma ukudla , konamandla kwavela okumnandi. Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.
15
Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe , funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo ; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?
16
UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe , wathi: Uyangizonda kuphela , awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona. Wathi kuye: Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?
17
Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa , lisekhona idili labo ; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.
18
Abantu bom uzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa , lingakashoni ilanga : Kuyini okumnandi kunezinyosi ? Kuyini okunamandla kunengonyama na ? Wathi kubo: Uma beningalimanga ngesithokazi sami , ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.
19
UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo , wathatha isambatho sabo , wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.
20
Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.