Skip to Content

AbAhluleli Chapter 2

1 Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali , yaya eBokimi . Yathi: Nganikhuphula eGibithe , nginilethile ezweni engalifungela oyihlo ; ngathi: Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani, 2 kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe ; niyakudiliza ama - altare abo. Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na? 3 Ngalokho ngithi manje : Angiyikubaxosha phambi kwenu , kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini. 4 Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala. 5 Baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBokimi, bahlabela uJehova khona. 6 UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwa-Israyeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe. 7 Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli. 8 UJoshuwa indodana kaNuni , inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. 9 Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa- Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi. 10 Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise ; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJeh ova nomsebenzi ayewenzele u - Israyeli. 11 Abantwana bakwa -Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; 12 bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu , onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. 13 Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. 14 Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa -Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga , wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo. 15 Nomaphi lapho bephumela khona , isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu. 16 UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo. 17 Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise , belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo. Isimo sesikhathi sabahluleli 18 Lapho uJehova ebavusela abahluleli , uJehova wayenaye umahluleli , wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli , ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo. 19 Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva , bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba ba bakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani. 20 Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami, 21 angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezo zizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe, 22 ukuze ngivivinye ngazo u -Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha. 23 UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.