AbAhluleli Chapter 3
1
Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u -Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani,
2
kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwa -Israyeli zazi , zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili.
3
Amakhosi ayisihlanu amaFilisti , nawo onke amaKhanani , namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.
4
Zazingezokuba u-Israyeli avi vinywe ngazo , kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose.
5
Abantwana bakwa -Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani , namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,
6
bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo , banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo. U-Otheniyeli
7
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova , bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.
8
Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u -Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase -Aramu Naharayimi ; abantwana bakwa -Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.
9
Kepha abantwana bakwa -Israyeli bakhala kuJeho va; uJehova wabavusela abantwana bakwa -Israyeli umsindisi owabasindisa , u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.
10
UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.
11
Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi. U-Ehudi
12
Abantwana bakwa -Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u -Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka - Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.
13
Wazibuthela abantwana bakwa-Amoni nabakwa-Amaleki, waya wachitha u- Israyeli, badla umuzi wamasundu.
14
Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u -Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.
15
Kepha a bantwana bakwa -Israyeli bakhala kuJehova , uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera , umBenjamini, umuntu oyinxele ; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku -Egiloni inkosi yakwaMowabi.
16
U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombil i, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene. Ukufa kuka-Egiloni
17
Wamnika u -Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho , kepha u -Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu.
18
Kwathi eseqedile ukumnika isipho, wamukisa abantu ababesithwele isipho.
19
Kepha yena wabuya endaweni yezithombe ezibaziweyo engaseGiligali , wathi: Nginendaba eyisifuba kuwe nkosi. Wathi: Thulani. Base bephuma bonke ababemi ngakuye.
20
U-Ehudi wasondela kuye ; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo ; wayesethi u-Ehudi: Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe . Wasukuma esihlalweni sakhe.
21
U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;
22
kwangena nesibambo emva kwenkemba , amanoni azungeza inkemba , ngokuba akayikhiphanga inkemba esiswini sakhe; yaphumela emuva.
23
U-Ehudi wayesephumela ekamelweni eliphambili, wazivalela iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela.
24
Nxa esephumile yena , kwafika izinceku zakhe ; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.
25
Zalinda zaze zajabha; bheka, akayivulanga iminyango yekamelo eliphezulu; ngalokho zathatha ukhiye, zayivula; bheka, inkosi yazo yayiwele phansi ifile.
26
U-Ehudi waph unyuka zisalinda , wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.
27
Kwathi esefikile , wabetha icilongo ezintabeni zakwa -Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.
28
Wathi kubo : Ngilandeleni, ngokuba uJehova u nikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu ! Behla emva kwakhe , bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi , abavumanga ukuba kuwele muntu.
29
Babulala kwabakwaMowabi ngaleso sikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidla kela namajaha , akwaphunyuka muntu.
30
UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa - Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili. UShamgari
31
Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka -Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo l wenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.