Skip to Content

AmaHubo Chapter 58

1 Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na ? Madodana abantu , nahlulela ngobuqotho na? 2 Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi ; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu. 3 Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. 4 Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka ; banjengebululu eliyisithulu , elivimba indlebe yalo, 5 lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha. 6 Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo , Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova! 7 Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe , mayibe sengathi iqundekile. 8 Mababe njengomnenke oncibilika , uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga. 9 Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva , uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha. 10 Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo ; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi, 11 abantu baze bathi : Impela ukhona umvuzo wolungileyo ; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.