Skip to Content

AmaHubo Chapter 69

1 Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni. 2 Ngishone odakeni lobishi olujulileyo , kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa. 3 Ngikhathele ukukhala kwami , umphimbo wami ushile ; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami. 4 Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami ; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici ; nengingakuphanganga ngakubuyisela. 5 Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe. 6 Mabangajabhiswa ngami ab akulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti ; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli. 7 Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami. 8 Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame. 9 Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile ; izithuko zabakuthukayo zingehlele. 10 Ngakhala, umphefumulo wami wazila; kwaba ngukudunyazwa kwami. 11 Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo. 12 Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya. 13 Kodwa mina , umkhuleko wami ukuwe Jehov a esikhathini sokuzwelwa , Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhul u ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho. 14 Ngikhiphe odakeni , mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo , nasemanzini alutwa. 15 Isikhukhula samanzi masingangicwilis i, utwa lungangigwinyi , umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo. 16 Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile ; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu. 17 Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule. 18 Sondela kuwo umphefumulo wami , uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami. 19 Wena uyakwazi ukuthukwa kwami , namahloni ami nokudunyazwa kwami ; zonke izitha zami ziphambi kwakho. 20 Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami , ngigula kakhulu ; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga. 21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami ; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga. 22 Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo , libe lugibe kwabahlezi bezithulele. 23 Amehlo abo mawafiphale , ukuze bangaboni ; izinkalo zabo zintengezele njalo. 24 Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho ; intukuthelo yakho evuthayo mayibafice. 25 Umuzi wabo mawuchitheke; makungabikho ohlala ematendeni abo. 26 Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela , baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho. 27 Yengezela ukona ekoneni kwabo; mabangezi ekulungeni kwakho. 28 Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo. 29 Mina kodwa ngihluphekile , ngibuhlungu; insindiso yakho , Nkulunkulu mayingilondoloze. 30 Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu , ngimphakamise ngokubonga. 31 Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo , kunenkunzi enezimpondo nezinselo. 32 Kuyakuthi abayizivi bekubona , bajabule; nina enifuna uNkulunkulu , inhliziyo yenu mayiphile. 33 Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli. 34 Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo. 35 Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni , akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo. 36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa ; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.