EkaJakobe Chapter 2
1
Bazalwane bami , ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.
2
Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,
3
nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo , nithi: Hlala lapha wena kulendawo enhle, besenithi kompofu: Yima lapho wena , noma: Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,
4
anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?
5
Yizwani, bazalwane bami abathandekayo . UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?
6
Kepha nina namdumaza ompofu . Abacebileyo abanicindezeli yini , abanihuduleli emacaleni na?
7
Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?
8
Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;
9
kodwa uma nikhetha abantu , nenza isono , nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
10
Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.
11
Ngokuba yena owathi : Ungaphingi, wathi futhi : Ungabulali, uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.
12
Khulumani kanjalo , nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
13
Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyaku mehlela ongenzi isihawu ; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni. Ukukholwa kufanele kube nezenzo
14
Kusizani, bazalwane bami , uma umuntu ethi unokukholwa , kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?
15
Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze , beswela ukudla kwemihla ngemihla,
16
kusho omunye kini kubo ukuthi : Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?
17
Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
18
Kepha omu nye uyakuthi : Wena unokukholwa , mina nginemisebenzi , ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi , nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.
19
Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na ? Wenza kahle ; namademoni ayakholwa, athuthumele.
20
Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?
21
U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?
22
Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi ya khe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,
23
kwagcwaliseka umbhalo othi : Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga , wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.
24
Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi , kungengokukholwa kuphela.
25
Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini , ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?
26
Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile , kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.