EkaJakobe Isahluko 3
1
Ningabi ngabafundisi abaningi , bazalwane bami , nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.
2
Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
3
Uma-ke sifaka am atomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele , siqondisa nomzimba wonke wawo.
4
Bhekani nemikhumbi , ingaka nje , iqhutshwa yimimoya enamandla , iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
5
Lunjalo nolimi ; luyisitho esincane , kanti luyazigabisa kakhulu . Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;
6
nolimi lungumlilo , ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke , luthungela ukuphila konke , luthungelwa yisihogo.
7
Ngokuba yonke imvelo yezilwane , neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;
8
kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa ; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.
9
Ngalo sibonga iNkosi uBab a, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu;
10
emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa . Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
11
Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?
12
Umkhiwane, bazalwane ba mi, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na ? Amanzi kasawoti angeveze amnandi. Ukuhlakanipha okuvela phezulu
13
Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na ? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
14
Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu , ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.
15
Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba , kungokwemvelo, kungokwamademoni;
16
ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.
17
Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe , andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle ; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
18
Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuth ula kubo abakwenzayo ukuthula.