Skip to Content

EkaJakobe Chapter 4

1 Zivelaphi izimpi , nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na ? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? 2 Niyafisa, nokho aninalutho ; niyabulala ninomhawu , nokho anizuzi lutho ; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; 3 niyacela, nokho anamukeliswa , ngokuba nicela kabi , ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu. 4 Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na ? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe , umi eyisitha sikaNkulunkulu. 5 Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi : Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu, na? 6 Kodwa unika umusa ngokwenezela ; ngakho uthi : UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa. 7 Ngakho thobelani uNkulunkulu , kepha nimelane noSathane , khona uyakunibalekela; 8 sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. 9 Yibani lusizi , nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. 10 Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa. 11 Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane , noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli. 12 Munye ongummisimthetho nomahluleli ; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na? Umuntu akakwazi okuzakumvelela ngomuso 13 Minani nina enithi: Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze, 14 anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na ? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. 15 Nga nisho nithi: Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho. 16 Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu ; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. 17 Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.