IsAmbulo Isahluko 1
1
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe iz into ezimelwe ukwenzeka masinyane , ethuma ngengelosi yakhe , esibonakalisa encekwini yakhe uJohane
2
owafakaza ngezwi likaNkulunkulu nangobufakazi bukaJesu Kristu , konke akubonayo.
3
Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho , bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. UJohane uyabingelela amabandla ayisikhombisa
4
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase -Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo , nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
5
nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba . Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe
6
nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise , kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
7
Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona , nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
8
Mina ngingu -Alfa no -Omega, kusho iNkosi uNkulunkulu , okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke. UJesu uyazibonakalisa kuJohane esesiqhingini sasePhatmose; uyamyala ukuloba lesi sambulo
9
Mina Johane , umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu , ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.
10
NgangikuMoya ngosuku lweNkosi , ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,
11
lithi: Lokhu okubonayo kulobe encwadini , ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
12
Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide,
13
nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani , embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande legolide ezibeleni;
14
futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu , njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo,
15
nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;
16
futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene , nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili , nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.
17
Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami , ethi: Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,
18
nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese.
19
Ngakho-ke loba okubonileyo , nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho.
20
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile : izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa , nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.