Skip to Content

IsAmbulo Chapter 2

1 Kuyo ingelosi yebandla lase -Efesu loba ukuthi : Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene , ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi: 2 Ngiyayazi imisebenzi yakho , nemizamo yakho , nokubekezela kwakho , nokuthi kawunakubamela ababi ; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga; 3 unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga. 4 Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala; 5 ngakho khumbula lapho uwe khona , uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma ku ngenjalo, ngiyeza kuwe , ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki. 6 Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami. 7 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle ku wo umuthi wokuphila oseParadisi likaNkulunkulu. 8 Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi : Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi: 9 Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho -- kanti ucebile -- nenhlamba yabathi b angabaJuda bengesibo , kodwa beyisinagoge likaSathane. 10 Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho . Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe , futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila. 11 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili. 12 Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi : Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi: 13 Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka- Antipase, ufakazi wami , othembekayo wami , owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona. 14 Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngaw e, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa -Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe. 15 Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo. 16 Ngakho-ke phenduka ; uma kungenjalo , ngiyeza kuwe masinyane , ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami. 17 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo , ngimuphe itshe elimhlophe , nasetsheni kulotshiwe iga ma elisha elingaziwa muntu , ngolamukelayo kuphela. 18 Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi : Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi: 19 Ngiyayazi imisebenzi yak ho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho , nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala. 20 Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi , afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe , zidle okuhlatshelwe izithombe; 21 ngamnika isikhathi sokuba aphenduke , kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe. 22 Bheka, ngiyamphonsa embhedeni , nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe; 23 ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa ; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo , futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe. 24 Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulile yo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo; 25 kepha lokho eninakho, kubambisiseni ngize ngifike. 26 Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe; 27 uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba; 28 futhi ngiyakumnika inkanyezi yokusa. 29 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.