IsAmbulo Chapter 3
1
Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.
2
Vuka ulinde , uqinise okuseleyo obekuzakufa , ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;
3
ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani , kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi , ngiyakuza kuwe njengesela , kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.
4
Kepha-ke unamagama ayingcosana eSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami bembethe okumhlophe, ngokuba bafanele.
5
Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe , negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
6
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
7
Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi : Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavid e, ovula kungavali muntu , novalayo kungavuli muntu, uthi:
8
Ngiyayazi imisebenzi yakho ; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu , ngokuba unamandla amancane , kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami.
9
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga ; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.
10
Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami , nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.
11
Ngiyeza masinyane ; bambisisa lokho onakho , ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
12
Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami , futhi akasoze aph uma khona ; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami , iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.
13
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.
14
Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u- Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo , ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:
15
Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi , kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise.
16
Ngakho-ke njengalokhu usivivi , ungashisi ungabandi , ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.
17
Ngokuba uthi: Ngicebile, kangiswele lutho, kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;
18
ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo uku ze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.
19
Bonke engibathandayo ngiyabasola , ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
20
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha ; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
21
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi , njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
22
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.