Skip to Content

IsAmbulo Chapter 7

1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba , ukuze kungavunguzi moya emhlabeni , naselwandle, nakowodwa umuthi. 2 Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga , inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, 3 yathi: Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo. 4 Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu , izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli: 5 Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, 6 esizweni sakwa -Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nam bili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili, 7 esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwa -Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili, 8 esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili. 9 Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, 10 samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu! 11 Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi , zakhuleka kuNkulunkulu, zathi: 12 Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu weth u kuze kube phakade naphakade. Amen! 13 Elinye lamalunga lase liphendula , lithi kimi : Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na? 14 Ngase ngithi kulo: Nkosi yami, nguwe owaziyo. Lase lithi kimi : Laba yibo abaphuma osizini olukhulu , bahlanza izingubo zabo , bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu. 15 Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe , nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumi sa itabernakele phezu kwabo. 16 Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, 17 ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa , libaholele emithonjeni yamanzi okuphila ; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.