IsAmbulo Isahluko 8
1
Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa , kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora.
2
Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu , zanikwa amacilongo ayisikhombisa.
3
Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.
4
Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemik huleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu.
5
Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho , yasigcwalisa ngomlilo wase - altare, yasiphonsa emhlabeni ; kwase kuba khona ukuduma , namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba. Izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu ziphethe amacilongo. Ezine zokuqala ziyabetha amacilongo
6
Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.
7
Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni ; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka , nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.
8
Ingelosi yesibili yayisibetha ; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo , yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,
9
kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo , nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.
10
Ingelosi yesithathu yayisibetha ; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani , yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.
11
Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane . Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.
12
Ingelosi yesine yayisibetha ; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga , nokwesithathu kwezinkany ezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe , nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo , nobusuku ngokunjalo.
13
Ngase ngibona , ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu , lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!