Skip to Content

IzAga Chapter 11

1 Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova , kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe. 2 Lapho kufika ukuziqhenya , kufika nehlazo ; kepha k wabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha. 3 Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola , kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha. 4 Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni. 5 Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe , kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe. 6 Ukulunga kwabaqotho kuyabophula , kepha abambuluzayo babanjwa ezifisweni zabo. 7 Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha. 8 Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe. 9 Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi. 10 Nxa abalungileyo behlezi kahle , umuzi uyathokoza ; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela. 11 Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa , kepha ngomlomo wababi uyachithwa. 12 Odelela umakhelwane wakhe akanakuhlakanipha , kepha umuntu onengqondo uyazithulela. 13 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo , kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba. 14 Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela. 15 Uyahlupheka nokuhlupheka omela umfokazi , kepha ozonda ukunika isibambiso ulondekile. 16 Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo. 17 Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe , kepha ononya uhlupha inyama yakhe. 18 Omubi uthola inzuzo yenkohliso , kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo. 19 Oqinile ekulungeni uyakuphila , kepha olandela okubi , kuyakuba ngukufa kwakhe. 20 Abanhliziyo ephambeney o bayisinengiso kuJehova , kepha a bapheleleyo endleleni yabo bayintokozo kuye. 21 Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa. 22 Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube , unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo. 23 Isifiso sabalungileyo singokuhle kuphela; ithemba lababi lilulaka. 24 Ukhona ohlakazayo ; nokho uyenezelwa kakhulu ; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela. 25 Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa ; ophuzisayo uyakuphuziswa naye. 26 Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo. 27 Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofuna okubi, kuyakumehlela. 28 Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa , kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza. 29 Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya , nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo. 30 Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo. 31 Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni ; kakhulu kangakanani omubi nesoni.