Skip to Content

IzAga Chapter 12

1 Othanda ukulaywa uthanda ukwazi; ozonda ukusolwa uyisiwula. 2 Omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu wamacebo uyamlahla. 3 Umuntu akanakuma ngobubi , kepha impande yabalungileyo ayiyikunyakaziswa. 4 Owesifazane okhutheleyo ungumqhele kuyo indoda yakhe , kepha ohlazisayo unjengokubola kwamathambo ayo. 5 Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela , kepha iziluleko zababi ziyinkohliso. 6 Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula. 7 Ababi bayachithwa, bangabikho, kepha indlu yabalungileyo iyakuma. 8 Umuntu uyadunyiswa ngokokuhlakanipha kwa khe, kepha ophambene ngenhliziyo uyadelelwa. 9 Odelelwayo eyinceku udlula ozidumisayo eswele ukudla. 10 Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe , kepha isihhe sababi silunya. 11 Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla , kepha olandela amayiyane akanangqondo. 12 Ishinga lifisa impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela. 13 Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi , kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni. 14 Umuntu uyasutha ngokuhle ngesithelo somlomo wakhe , nemisebenzi yezandla zomuntu iyabuyela kuye. 15 Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso , kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko. 16 Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku , kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo. 17 Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga , kepha ufakazi wamanga ngenkohliso. 18 Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba , kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso. 19 Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade , kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje. 20 Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi , kepha abaluleka ukuthula , kubona kukhona intokozo. 21 Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi , kepha ababi bayakugcwala ububi. 22 Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova , kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe. 23 Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula. 24 Isandla sabakhutheleyo siyakubusa , kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi. 25 Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa , kepha izwi elihle liyayithokozisa. 26 Olungileyo ungumholi womakhelwane wakhe , kepha indlela yababi iyabadukisa. 27 Isidenge asiyosi inyamazane yaso , kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo. 28 Endleleni yokulunga kukhona ukuphila , nalapho umkhondo wakho udlula khona, akukho ukufa.