Skip to Content

IzAga Chapter 30

1 Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda ku-Ithiyeli, ko- Ithiyeli no-Ukhali: 2 Impela ngiyisiwula kunabanye abantu, anginakuqonda komuntu. 3 Angifundanga ukuhlakanipha, ukuze ngazi oNgcwele. 4 Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na ? Ngubani igama lakhe , ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na? 5 Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye. 6 Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga. 7 Yizinto ezimbili engizicela kuwe: unganginqabeli nazo, ngingakafi. 8 Dedisela kude nami okuyize namanga , unganginiki ubumpofu nengcebo , kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo, 9 funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: UJehova ungubani na funa ngibe mpofu , ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami. 10 Ungahlebi inceku enkosini yayo, funa ikuthuke, ube necala. 11 Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina. 12 Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso , esingahlanzwanga ensileni yaso. 13 Kukhona isizukulwane yeka ukuz idla kwaso ! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe. 14 Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemb a namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu. 15 Umnyundu unamadodakazi amabili athi : S iphe, siphe. Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi, nezine ezingasho ukuthi: Kwanele! : 16 indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba, nomhlaba ongasuthi ngamanzi , nomlilo ongasho ukuthi: Kwanele! 17 Iso eliklolodela uyis e nelidelela ukulalela unin a liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi. 18 Kukhona izinto ezintathu ezingahlula ngokumangalisa , yebo, ezine engingazaziyo: 19 indlela yokhozi emoyeni, nendlela yenyoka edwaleni, nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle, nendlela yendoda entombini. 20 Inje indlela yowesif azane ophingayo : uyadla, abesesula umlomo wakhe , athi: Angenzanga isono. 21 Phansi kwezinto ezintathu umhlaba uyazamazama , yebo, phansi kwezine ongezithwale: 22 phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi , nesiwula uma sisuthile ngokudla, 23 naphansi kwesaliwak azi ekuganeni kwaso , nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo. 24 Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni, kepha zihlakaniphile kakhulu: 25 izintuthwane ziyisizwe esingenamandla , kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo; 26 izimbila ziyisizwe esibuthakathaka, kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni; 27 izinkumbi azinankosi, kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo; 28 isibankwa ungasibamba ngezandla zombili, kanti sisendlini yenkosi. 29 Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha , yebo, ezine ezihamba ngesithunzi: 30 ingonyama, iqhawe ezilwaneni; ayihlehli nakusiphi; 31 nehhashi lempi kanye nempongo, nenkosi phambi kwempi yayo. 32 Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa. wacabanga okubi, beka isandla emlonyeni wakho. 33 Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa , nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi; kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.