IzAga Chapter 31
1
Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.
2
Yini, ndodana yami , yini, ndodana yesizalo sami , yini, ndodana yezithembiso zami, na?
3
Unganiki a besifazane amandla akho , nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.
4
Akusikho okwamakhosi , Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
5
funa baphuze , bakhohlwe izimiso , baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.
6
Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.
7
Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.
8
Sivulele isimungulu umlomo wakho , umele bonke abantwana abayizintandane.
9
Vula umlomo wakho , wahlulele ngokulung a, umele abahluphekayo nabampofu. Ukudunyiswa kowesifazane okhutheleyo
10
Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na ? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.
11
Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo.
12
Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13
Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo.
14
Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.
15
Uyavuka kuse sebusuku , aphe abendlu yakhe ukudl a namantombazana akhe imisebenzi yawo.
16
Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17
Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.
18
Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo ; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
19
Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo , neminwe yakhe ibamba insimbi.
20
Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
21
Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane ; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.
22
Uyazenzela izindwangu ezimbozayo ; izambatho zak he ziyilineni elicolekileyo nokububende.
23
Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.
24
Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.
25
Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.
26
Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.
27
Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.
28
Abantwana bakhe bayasukuma , bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:
29
Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.
30
Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize , kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
31
Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.