IzAga Chapter 6
1
Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho , uma uxhawulene nomfokazi,
2
ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,
3
yenza lokhu phela , ndodana yami , uzophule, lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho: khothama phambi kwakhe, umncengisise.
4
Unganiki amehlo akho ubuthongo, nezinkophe zakho ukozela.
5
Zophule njengensephe kumzingel i nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.
6
Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,
7
yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi,
8
ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo , ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.
9
Uyakulala kuze kube nini , vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10
Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
11
bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma , nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.
12
Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
13
oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe.
14
Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe ; uceba okubi ngesikhathi sonke ; ususa ukuxabana.
15
Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.
16
Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova , yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:
17
amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala,
18
nenhliziyo eceba imicabango emibi , nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,
19
nofakazi wamanga ophafuza inkohliso , obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane. Izindlela zokuphinga
20
Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.
21
Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.
22
Mayikuhole ekuhambeni kwakho , ikulondoloze ekulaleni kwakho , ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.
23
Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,
24
ukuze ugcinwe kowesifazane omubi , nasekuthopheni kolimi lowes ifazane ondindayo.
25
Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.
26
Ngokuba intengo yowesifazan e oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.
27
Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?
28
Umuntu angahamba phez u kwamalahle avuthayo , izinyawo zakhe zingahanguki, na?
29
Unjalo yena ongena kumkamakhelwane : akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.
30
Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?
31
Uma efunyanwa , uyakubuyisa kasikhombisa , anikeze yonke impahla yendlu yakhe.
32
Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda ; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
33
Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.
34
Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka ; ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela.
35
Ayiyikunaka neze ihlawulo; ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.