IzAga Chapter 7
1
Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.
2
Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.
3
Yibophe eminweni yakho, uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.
4
Yisho kukho ukuhlakanipha : Ungudadewethu, ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,
5
ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo , kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.
6
Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,
7
ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,
8
edlula esitaladini eduze negumbi lakhe. iya endleleni yendlu yakhe,
9
sekuhwelela kusihlwa, esigayegayeni sobusuku nobumnyama.
10
Bheka, isihlangabezwa ngowesifazane ; izingubo zakhe zingezesifebe, enobuqili enhliziyweni.
11
Uyanyakaza engenakuthula; izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;
12
manje usemigwaqweni, nangu usezigcawini, uqamekela emagumbini onke.
13
Useyayibamba, uyayanga; uthwala amehlo, uthi kuyo:
14
Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele ; namuhla sengigcwalisile izithembiso zami.
15
Ngalokho ngiphumile ukukuhlangabez a ukuba ngifunisise ubuso bakho ; sengikutholile.
16
Ngendlele umbhede wami ngezindwangu zokumboza, nelineni elinemishwe laseGibithe.
17
Ngifafazile umbhede wami ngemure, nangomhlaba, nangokinamona.
18
Woza sizanelise ngothando kuze kuse, sijabule ngokuthandana.
19
Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya; ihambile uhambo olude;
20
yaphatha isikhwama se mali ngesandla sayo ; iyakubuyela ekhaya ngosuku lokuhlangana kwenyanga.
21
Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle ; ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.
22
Uyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshwen i nanjengamaketanga ehlela isiboshwa esiyisiwula,
23
umcibisholo uze uhlabe isibindi sakh e njengenyoni isheshela ogibeni , ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.
24
Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami.
25
Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe , ungahambi emikhondweni yakhe.
26
Ngokuba uwisile phansi abaningi abalimeleyo ; ababuleweyo bakhe bayisixuku esikhulu.
27
Indlu yakhe iyindlela eya endawemi yabafileyo , yehlela emakamelweni okufa.