Skip to Content

KumaHeberu Chapter 2

1 Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe. 2 Ngokuba uma izwi elakhulunywa nge zingelosi laqiniseka , nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo, 3 thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? -- okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo, 4 uNkulunkulu futhi ef akaza kanye nabo ngezibonakaliso , nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo , nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe. UKristu waba mncane kunezingelosi esasebenza umsebenzi wensindiso emhlabeni 5 Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo. 6 Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi : Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na? 7 Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi ; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. 8 Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe . Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe; 9 kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi , uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke. 10 Ngokuba kwakumfanele yena , okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye , ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni , amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo. 11 Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye ; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, 12 ethi: Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho , ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla, 13 futhi: Ngiyakubeka ithemba lami kuye , futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona. 14 Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama , naye uqobo wahlanganyela khona lokho , ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, 15 abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni. 16 Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama. 17 Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke , ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu , kube yinhlawulo yezono zabantu. 18 Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa , unamandla okusiza abalingwayo.