Skip to Content

KumaHeberu Isahluko 3

1 Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini , qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, 2 owayethembeka kuyena owammisayo , njengoMose naye wayenjalo endlin i yakhe yonke. 3 Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose , njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. 4 Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile ; kepha owakha konke nguNkulunkulu. 5 UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, 6 kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe , esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni. Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe 7 Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi : Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, 8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunulen i ngosuku lokulingwa ehlane, 9 lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane; 10 ngalokho nganengwa yileso sizukulwane , ngathi: Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami, 11 ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami , ngathi: Abayikungena ekuphumuleni kwami. 12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho n hliziyo embi , engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; 13 kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla , ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, 14 ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu , uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. 15 Uma kuthiwa: Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe , ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni, 16 pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na? 17 Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamas humi amane na ? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na? 18 Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe , uma kungesibo abangalalelanga na? 19 Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.