KumaHeberu Isahluko 4
1
Ngakho-ke masesabe ukuba , kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.
2
Ngokuba phela nathi sashunyayezwa ivangeli njengabo; kepha izwi abalizwayo alibasizanga bona , lokhu lingahlangananga nabezwayo ngokukholwa.
3
Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami , ngathi: Abayikungena ekuphumuleni kwami , nakuba imisebenzi y ayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.
4
Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi : UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,
5
nakule ndawo uthi futhi: Abayikungena ekuphumuleni kwami.
6
Ngakho-ke lokhu kusasele uk uba abanye bangene kukho , nalabo abashunyayezwa kuqala ivangeli bengangenanga ngokungalaleli,
7
uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla , esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi : Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.
8
Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile , wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.
9
Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.
10
Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.
11
Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula , ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli. Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla
12
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile , linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya , amalungu nomnkantsha , lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
13
futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe , kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye. SinomPristi omkhulu ongasisiza
14
Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu , uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.
15
Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
16
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.