Skip to Content

NgokukaJohane Isahluko 1

1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi , uLizwi wayekuNkulunkulu , uLizwi wayenguNkulunkulu. 2 Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. 3 Konke kwavela ngaye ; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. 4 Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu; 5 ukukhanya kukhanya ebumnyameni , kepha ubumnyama abukwamukelanga. 6 Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. 7 Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. 8 Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. 9 Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu , okwase kuza ezweni. 10 Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. 11 Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. 12 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, 13 abangazalwanga ngagazi , nantando yenyama , nantando yendoda , kodwa bazalwa nguNkulunkulu. 14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. 15 UJohane wafakaza ngaye , wamemeza wathi: Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami , ngokuba wayekhona kuqala kunami. 16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. 17 Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. 18 Akakho oke wabona uNkulunkulu ; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile. Ubufakazi bukaJohane 19 Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: Wena ungubani na? 20 Wavuma, kaphikanga, wavuma wathi: Angisiye uKristu mina. 21 Bambuza bathi : Uyini pho ? Ungu-Eliya na ? Wathi: Angisiye. UngumProfethi na? Waphendula wathi: Qha. 22 Base bethi kuye: Ungubani na? ukuze sibaphendule abasithumileyo; uzisho ukuthi ungubani na? 23 Wathi: Ngiyizwi lomemeza ehlane , ethi: Lungisani indlela yeNkosi , njengalokho washo u-Isaya umprofethi. 24 Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi. 25 Bambuza-ke, bathi kuye: Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu , no- Eliya, nomProfethi, na? 26 UJohane wabaphendula wathi : Mina ngibhapathiza ngamanzi ; umi phakathi kwenu eningamaziyo: 27 yena ozayo emva kwami , omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula. 28 Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani , lapho uJohane wayebhapathiza khona. 29 Ngangomuso wabona uJesu eza kuye , wathi: Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. 30 Nguye ebengisho ngaye , ngithi: Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. 31 Nami bengingamazi ; kodwa ukuze abonakaliswe ku -Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi. 32 UJohane wafakaza wathi : Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba , wahlala phezu kwakhe. 33 Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe , nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele. 34 Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu. Abafundi bokuqala 35 Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe. 36 Ebona uJesu ehamba, wathi: Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu. 37 Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu. 38 Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Bathi kuye: Rabi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, uhlalaphi na? 39 Wathi kubo: Wozani nibone. Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona ; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi. 40 Omunye walabo ababili abamuzwa uJohane balandela uJesu wayengu - Andreya umfowabo kaSimoni Petru; 41 yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni , wathi kuye : Simfumene uMesiya, okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu. 42 Wamyisa kuJesu ; uJesu wambheka wathi : Wena unguSimoni kaJona ; uzakubizwa ngokuthi uKhefase, okuhunyushwa ngokuthi uPetru. 43 Ngangomuso wayefuna ukuya eGalile , wafumana uFiliphu ; uJesu wathi kuye: Ngilandele. 44 UFiliphu wayengowaseBetsayida, umuzi ka-Andreya noPetru. 45 UFiliphu wafumana uNathanayeli , wathi kuye : Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofet hi, uJesu waseNazaretha , indodana kaJosefa. 46 UNathanayeli wathi kuye: Kungase kuvele okuhle eNazaretha na? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone. 47 UJesu wabona uNathanayeli eza kuye , wathi ngaye : Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye. 48 UNathanayeli wathi kuye: Ungazelaphi na? UJesu waphendula, wathi kuye: Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komkhiwane, ngakubona. 49 UNathanayeli wamphendula wathi : Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu , uyiNkosi ka-Israyeli. 50 UJesu waphendula, wathi kuye: Ukholwa ngokuba ngithe kuwe ngakubona uphansi komkhiwane na? Uzakubona okukhulu kunalokho. 51 Wathi kuye: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.